News Avenue
News / Izindaba

KUBOSHWE OWESILISA NOWESIFAZANE BEBANJWA NEZIBHAMU

KUBOSHWE OWESILISA NOWESIFAZANE BEBANJWA NEZIBHAMU
 
LINDOKUHLE NGCOBO 

AMAPHOYISA abophe umsolwa wesilisa oneminyaka engu-38 ubudala nowesifazane oneminyaka engu-63 ubudala. Kulandela ukuthi laba ababili bebanjwe nezibhamu ezingu-6 ezingekho emthethweni endaweni  yaseForesthaven, ePhoenix izolo ebusuku. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda udalule ukuthi abakwasidlodlo balunywe indlebe ilungu lomphakathi elibayise endaweni enezibhamu. Wathi lokhu kuholele ekutheni kubanjwe umhloli weqembu lemigulukudu elibizwa nge-'Bloods'.

"Ngesikhathi amaphoyisa  eqhuba umsebenzi, athole izibhamu ezincane ezimbili ezisuswe izinombolo ezibhalisiwe ngazo, izibhamu zezandla ezimbili nezibhamu ezimfishana ezimbili. Kutholakale nenqwaba yezinhlamvu  ebezifihlwe ku-wadrobe osegumbini lokulala. Umsolwa kukholakala ukuthi ushushumbisa izidakamizwa," echaza.

Uphethe ngelithi izibhamu ezitholakale zizophenywa, ukuze kubhekwe amacala ezithinteka kuwo. Kulindeleke  ukuthi abasolwa ababoshiwe bavele eNkantolo maduze.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose