News Avenue
News / Izindaba

KUBOSHWE OSOMATEKISI ABANGU 15 NGOKUBULAWA KWABE E-HAILING

KUBOSHWE OSOMATEKISI ABANGU 15 NGOKUBULAWA KWABE E-HAILING
AMAPHOYISA KwaZulu-Natal(KZN) asethathe abantu abangu-15 abasembonini yamatekisi namuhla, ukuyobabuza mayelana nempi ephakathi kwabo nabashayeli  be e-hailing. Lokhu kulandela ukuhlaselwa komshayeli we- e-hailing KwaDabeka izolo. 

Ngesikhathi abakwasidlodlo bebelandela umkhondo wayizolo, uholele ekutheni namuhla bathole abantu abangu-15. Kubo okukhona abashayeli bamatekisi  nabanikazi bamatekisi  okusolakala ukuthi bayingxenye yabahlasels umshayeli we  e-hailing izolo. 

Okhulumela amaphoyisa aseKZN uColonel Robert Netshiunda uthi abasolwa botholakale nezibhamu ezingu-12 ezingekho emthethweni, ezisayohlolwa ukuthi awekho yini amacala ezithinta kuwo. 

"Omunye wabanikazi bamatekisi, osolwa ngokuhlasela umshayeli  we e-hailing uxhumane namaphoyisa aphenya leli cala ngokubambisana nenkampani emmele kwezomthetho namuhla ekuseni," kubeka uNetshiunda. 

Ephetha uNetshiunda udalule ukuthi isimo sesibuyele kwesejwayelekile kwaDabeka,  ezeseka ngelithi amaphoyisa aphezu kwezinhlelo zokubuyisa uzinzo.  Abakwasidlodlo bahlele ukuhlangana nabanikazi bamatekisi nabemboni ye e-hailing ukuthola isixazululo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose