News Avenue
News / Izindaba

KUBOSHWE O"ZAMA ZAMA" ABATHATHU EMPUMALANGA

KUBOSHWE O"ZAMA ZAMA" ABATHATHU EMPUMALANGA
LINDOKUHLE NGCOBO

BASOBISHINI abasolwa abathathu ababoshwe eBarberton, eMpumalanga ngoLwesihlanu. 

Amaphoyisa e-Operation Vala Umgodi alunywe indlebe ngomuzi ohlala abamba izimayini ngokungemthetho (ozama zama). Kuvela ukuthi, ngesikhathi abakwasidlodlo begasela kulo muzi, kubaleke uquqaba lwabesilisa lashiya imoto yohlobo lweHyundai H100 emhlophe, ebhaliswe eMpumalanga. 

Obambe njengoKhomishana wamaphoyisa eMpumalanga uMajor General (Dr) Zeph Mkhwanazi uthi kube sekutheleka umnikazi womuzi ehamba ngenye iHyundai H100 emhlophe, ebhaliswe eGauteng. Wathi kube sekuvela ukuthi lezi zimoto ziyathungathwa, njengoba eyodwa yazo(Hyundai H100) yadunwa eLydenburg ngo-April 2025.

"Ngesikhathi kuseshwa lo muzi kutholakala amasilinda egesi amabili,  izimoto ezimbili zohlobo lweHyundai H100, i-steel bar, izinhlamvu zokubhodlaza umhlaba ne-cutting torch. Kuboshwe umnikazi womuzi, okuholele ekutheni kuboshwe abanye abasolwa ababili," kuchaza uMkhwanazi. 

Abasolwa abaphakathi kweminyaka engu-34 kuya kwengu-39 ubudala, kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseBarberton ngoMsombuluko mhlaka 7 July 2025, ngecala lokutholakala ngezimoto ezintshontshiwe.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose