News Avenue
News / Izindaba

KUBOSHWE ABESILISA(4) NGOKUTHOLAKALA NEZIBHAMU

KUBOSHWE ABESILISA(4) NGOKUTHOLAKALA NEZIBHAMU
LINDOKUHLE NGCOBO 

BAKHALELWE ngamasongo kasigonyela  abesilisa abane, okuvele ukuthi babanjwe ngamaphoyisa nezibhamu  ezinhlanu, ezingekho emthethweni. Laba besilisa baboshwe ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wamaphoyisa ngaphansi kophiko lweCrime Intelligence,  Amajuba Task Team neDannhauser Tracing Team oluqale kusukela izolo ngoLwesine laphetha namuhla.

Abakwasidlodlo bebelandela umkhondo wowesilisa oneminyaka engu-38 ubudala, obekukholakala ukuthi unezibhamu ezingekho emthethweni emzini wakhe endaweni yaseLeusture Farm, eMadadeni. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uConstable Thenjiswa Ngcobo uthi ngesikhathi amaphoyisa efika kulo muzi, athola owesilisa enezibhamu ezincane ezimbili nesisodwa esikhulu nezinhlobo ezahlukene zezinhlamvu ezingu-48. Wathi lo wesilisa uboshiwe njengoba ephinde watholakala nomfaniswano wamasosha akulele(SANDF) nama-number plate ezimoto.

"Lesi siboshwa sibe sesithathwa sayiswa esiteshini samaphoyisa eMadedeni. Lapho esibekwe khona amacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni nokutholakala nezimpahla okusolakala ukuthi zintshontshiwe," kuchaza uNgcobo. 

Eqhuba uNgcobo udalule ukuthi ngesikhathi ithimba lamaphoyisa liqhubeka nomsebenzi, lidlulele endaweni yaseSt Chads, eMnambithi nokuyilapho libophe khona owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala. Lo mlisa  usolwa ngecala lokubulala alenze kule nyanga (August) eDannhuaser. UNgcobo uthi lo msolwa utholakale nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu-8.

"Athe amaphoyisa mayeqhubeka nophenyo lwawo, labaholela eBlauwbosch, eMadadeni. Lapho kutholakale imoto  eyayisetsheziswa ukuthi kubalekwe ngayo ngesikhathi kwenziwa icala lokubulala eDannhuaser. Owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala owayeshayela le moto ube eseboshwa. Lolu phiko olusebenza ngokuzikhandla luphethe ngokusebenza eBlauwbosch lapho elifike labopha owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala utholwe nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu-25," kubeka uNgcobo.

Abasolwa abane kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi yaseMadadeni maduze. Umsolwa oboshwe eSt Chads kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi yaseLadysmith ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose