News Avenue
News / Izindaba

KUBOSHWE ABASOLWA NGOKWEBA IMFUYO

KUBOSHWE ABASOLWA NGOKWEBA IMFUYO
LINDOKUHLE NGCOBO 

ABASOLWA ababili abaphakathi kweminyaka engu-25 nengu-31 ubudala, baboshwe ngamaphoyisa eBulwer, izolo.

 Laba basolwa abangabokufika kuleli babanjwe nezimbuzi ezingu-20  neziklabhu ezingu-11, okusolakala ukuthi ngezokwebiwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthi amaphoyisa amise imoto ebibheke eMgungundlovu ayisesha. Wathi ngesikhathi amaphoyisa esesha imoto,  athole imfuyo.

"Ebebeshayela imoto bavezile amaphepha akhombisa ukuthi bavumelekile ukuhamba nemfuyo emgwaqeni. Amaphoyisa enze uphenyo olusheshayo kwevela ukuthi imininingwane ebhalwe ephepheni ingamanga. Lona obebhalwe njengomdayisi uthe, akazilutho ngokudayisela abasolwa imfuyo," kubeka uMagwaza.

Eqhuba uthe abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseHlanganani ngoMsombuluko mhlaka 27 October 2025.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose