News Avenue
News / Izindaba

KUBOSHWE ABASOLWA NGOKUSHUSHUMBISA NGEZIDAKAMIZWA

KUBOSHWE ABASOLWA NGOKUSHUSHUMBISA NGEZIDAKAMIZWA
KULINDELEKE ukuthi bavele kusasa, ngoMsombuluko mhlaka 22 December 2025, ezinkantolo ezahlukene abasolwa abane. Laba basolwa baboshelwe amacala okushushumbisa izidakamizwa eThekwini. 

Kuvela ukuthi umsolwa wokuqala oneminyaka engu-20 ubudala, uboshwe ngamaphoyisa endaweni yaseBayview, ngemuva kokutholakala namaphilisi ohlobo lwe-heroin  angu-183 ne-rock cocain engu-16.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthi kusukela ngoLwesihlanu ebusuku abakwasidlodlo bebematasa bethungatha abasolwa abashushumbisa izidakamizwa. Wadalula ukuthi ngemuva kokubamba umsolwa eBayview, abomthetho badlulele KwaMashu endaweni yakwa, H. Nokuyilapho kuboshwe umlisa oneminyaka engu-26 ubudala, otholakale ne-cocain engu-89 nomakhalekhukhwini abathathu.

"Amaphoyisa abe esegasela eMorningside, lapho ebophe owesilisa osolwa ngokudayisa izidakamizwa. Ngeshwa ngesikhathi amaphoyisa efika umsolwa ubengekho endlini. Amaphoyisa akwazile ukuthola izinhlobo zazidakamizwa ezahlukene endlini yakhe, okubalwa kuzo irock cocain, cocain powder,  crystal meth ne-mandrax tablets," kuchaza uMagwaza.

Eqhuba uveze ukuthi umsolwa oneminyaka engu-38 ubudala uboshwe ePhoenix, ngemuva kokutholakala namaphilisi emandrax angu-150  nezinhlamvu zesibhamu esincane ezingu-14.

Umsolwa wokugcina uboshwe ngaphambi kokuba ayodayisa izidakamizwa,  lo msolwa oneminyaka engu-31 ubudala utholakale nezidakamizwa, abomthetho babe sebembopha ngokuphuthuma.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose