News Avenue
News / Izindaba

KUBOSHWE ABASOLWA NGEZIDAKAMIZWA KWI MARCH AND MARCH

KUBOSHWE ABASOLWA NGEZIDAKAMIZWA KWI MARCH AND MARCH
AMAPHOYISA abophe abasolwa abayithupha bokufika kuleli ngezinsolo zokushushumbisa izidakamizwa.   Abasolwa babanjwe ebhilidini iPoint Parkade,  endaweni yasePoint, eThekwini  namuhla.

Lokhu kuboshwa kwenzeke ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho weMarch and March eholwa uJacinta Ngobese Zuma, elwisana nokufika kwabantu abangenawo amaphepha asemthethweni.

UPhakelumthakathi Ndabandaba ongumunye wabahamba phambili kule mashi, utshele amaphoyisa ngezinsolo zokuthi leli bhilidi liyisizinda sezidakamizwa.  Wanxusa amaphoyisa ukuthi angene abheke izidakamizwa ngaphakathi.

"Leli bhilidi lidayisa izidakamizwa, sicela amaphoyisa asibhekele lona. Kunabantu bokufika abakuleli bhilidi abangenawo amaphepha asemthethweni wokuba kuleli izwe. Sicela amaphoyisa asibhekela lona, sinamagama amaphoyisa sebenzisana nabantu abadayisi izidakamizwa," kusho uNdabandaba.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose