News Avenue
News / Izindaba

KUBOSHWE ABASOLWA ABATHATHU NGOKUNTSHONTSHA UPHONDO LUKABHEJANE

KUBOSHWE ABASOLWA ABATHATHU NGOKUNTSHONTSHA UPHONDO LUKABHEJANE
 
LINDOKUHLE NGKUBOSHWECOBO 

BAKHALELWE ngamasongo kasigonyela abesilisa abathathu ababanjwe nophondo lukabhejane nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni eDumbe, enyakatho neKwaZulu-Natal izolo.

Kuvela ukuthi abasolwa abaphakathi kweminyaka engu-34 ubudala kuya kwengu-50 ubudala bebevele befunwa  ngamaphoyisa. Kulandela ubugebengu okwenzeke ngoLwesihlanu ntathakusa esiqiwini saseDumbe. Lapho abasolwa bafike babamba onogada ababili, babopha izandla, babaphuca izibhamu ezimbili nomakhalekhukhwini. Ngemuva kwalokho abasolwa babe sebedubula ubhejane bawukhipha uphondo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Paul Magwaza udalule ukuthi ngesikhathi abasolwa besematasa ngobugebengu, baphazanyiswe umsindo okhalile, babe sebebaleka endaweni yesigameko bashiya izibhamu eduze kwesidumbu sikabhejane.

"Amaphoyisa abiziwe endaweni yesigameko, afika abasolwa sebebalekile. Amaphoyisa nezinkampani zonogada, basebenze ngokuzikhandla usuku lonke bethungatha abasolwa. Ngokusizwa umphakathi bagcine bebabophile abasolwa abatholakale becashe ehlathini. Abasolwa batholwe nezibhamu ezimbili okukhona iR5, i-303 nophondo lukabhejane," kuchaza uColonel Magwaza.

Ephetha uveza ukuthi abakwasidlodlo bathathe imoto ebihamba abasolwa. Kulindeleke ukuthi abasolwa ababoshiwe bavele eNkantolo yeMantshi yaseVryheid, kusasa mhlaka 28 July 2025.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose