News Avenue
News / Izindaba

KUBOSHWE ABASOLWA ABATHATHU NGOKUDAYISA IZIBHAMU NEZIDAKAMIZWA

KUBOSHWE ABASOLWA ABATHATHU NGOKUDAYISA IZIBHAMU NEZIDAKAMIZWA
LINDOKUHLE NGCOBO 

BAKHALELWE ngamasongo kaSigonyela abesilisa abathathu, abasolwa ngokudayisa izibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu. Abasolwa baboshwe ngamaphoyisa namuhla endaweni yaseBramley, eGoli. 

Kuvela ukuthi abakwasidlodlo basebenzise indiza enophephela emhlane, ukuthungatha imoto yohlobo lweToyota Starlet ebihamba abasolwa. 

Nokuthe lapho amaphoyisa ebona le moto, ayivimba ngokushesha. Nokuyilapho kubanjwa khona laba abasolwa. 

Abomthetho baqinisekisa ukuthi bathole isibhamu esingekho emthethweni nensangu eningi emotweni ebihamba abasolwa. 

Ngesikhathi amaphoyisa eqhuba uphenyo lwawo ngabasolwa. Alunywe indlebe ngomuzi  oseFourways. Abakwasidlodlo babe sebegasela kulo muzi osendaweni yabadla izambane likapondo. Kuwo okutholakale isibhamu esingekho emthethweni iDM-4 nezinhlamvu.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose