News Avenue
News / Izindaba

KUBI KUMCHUNU EPHALAMENDE

KUBI KUMCHUNU EPHALAMENDE
LINDOKUHLE NGCOBO 

KUYASHUBA kwiKomiti lasePhalamende i-Ad Hoc Committee, eliphenya ngenkohlakalo esemaphoyiseni. 

Kulandela ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu evume ukuthi uyamazi uMnuz Brown Mogotsi. 

UMchunu uthe waqala ukwazi uMogotsi ngonyaka ka-2017. Wathi umazi njengeqabane.

"Angikaze ngimbuze ukuthi ushadelwe noma cha. Angikaze ngiye emzini wakhe. Angikaze ngiye ukuyobuka ibhola naye noma ukuyodla naye endaweni zokudla. Angikaze ngakhuluma naye ngempilo yakhe yangasese  ngoba sikhuluma ngaleso sikhathi esincane uma sihlangana," kuchaza uMchunu phambi kwekomiti.

Igama likaMogotsi liqale ukuba ngundaba mlonyeni ngomhlaka 6 July kulo nyaka, ngemuva kokuthi uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, echaze uMogotsi njengesigebengu esiyingozi. UMkhwanazi waphinde waveza ukuthi uMchunu ungubhululu kaMogotsi.

Njengamanje uMchunu usaqhubeka nokuphendula imibuzo ePhalamende,  eKapa.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose