News Avenue
News / Izindaba

KUBHIMBE UHLELO KUMSOLWA OBANJWE NGAMAPHOYISA EHLATHINI

KUBHIMBE UHLELO KUMSOLWA OBANJWE NGAMAPHOYISA EHLATHINI

UKHALELWE ngamasongo kasigonyela owesilisa, osolwa ngokutholakala nempahla yokwembiwa nokubanjwa nesibhamu esingekho emthethweni. Lo msolwa oneminyaka engu-35 ubudala uboshwe ngamaphoyisa namuhla eVerulam. 

Abakwasidlodlo bebelandela umkhondo ngemoto entshontshiwe, ebonakale namuhla isuka eMlaza ihamba emgwaqeni uN2, ibheke enyakatho neTheku. Nokuyilapho abasolwa bebehujwa ngonogada.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthi enye inkampani yonogada izame ukumisa abasolwa ngesikhathi imoto ifika eVerulam kepha omunye wabasolwa waphuma nesibhamu wadubula unogada onyaweni.

"Baqhubekile abasolwa babaleka ngemoto eyembiwe, bathe befika eClerence Park amaphoyisa ePTT naweDurban K9 abamisa khona. Amaphoyisa athe ehlole imoto eshiywe abasolwa, athola inhlokohlela yesibhamu nezinhlamvu ezingaphezulu kuka-100. Amaphoyisa aka-K9 angenile ehlathini, lapho ekwazi ukubopha umlisa oyedwa otholakale nesibhamu i-AK47 nezinhlamvu ezingu-60," kuchaza uMagwaza.

Kulindeleke ukuthi umsolwa oboshiwe, avele enkantolo yeMantshi yaseVerulam  kusasa ngoLwesithathu mhlaka 3 December 2025.  Abakwasidlodlo basathungatha umsolwa wesibili.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose