News Avenue
News / Izindaba

KUBE YINTOKOZO YODWA ABAFUNDI BETHOLA IMIYEZANE

KUBE YINTOKOZO YODWA ABAFUNDI BETHOLA IMIYEZANE
LINDOKUHLE NGCOBO 

INJABULO kubafundi baseHamburger University beklonyeliswa ngemiyezane, namuhla eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini. 

Laba bafundi abangaphezulu kuka-100 baphothule uhlelo lokufunda ngaphansi kohlelo iCATHSSETA neMcDonald's South Africa.    
Bangaphezulu kuka-676 abantu abasha abaphothule uqeqesho lwabo kulo nyaka eHamburg kodwa namuhla bekuwusuku lwabadundi baKwaZulu-Natal.

Ekhuluma neNews Avenue uNksz Wandisa Natasha Sikobi ongomunye wabatheswe iziqu, uthe kuyamjabulisa ukuthi useze waphothula izifundo zakhe wathola nomsebenzi kaMcDonald's.

"Bekungekho lula kusukela ekuqaleni ngisafaka isicelo, nganginalo ithemba lokuthi bazongithatha. Ngiyabonga ukuthi namuhla sekuze kwafika emaphethelweni. Ngibona sengathi maningi amanye amathuba asazovela empilweni. Ngicela nabanye abantu abasha bangalilahli ithemba, baqhubeke nokufaka izicelo, azovela amanye amathuba," kubeka uSikobi.


Oyisikhulu esiphezulu kaMcDonald's  uDkt Mamello Masia uthi lolu hlelo luthele izithelo ezinhle. Wathi livala igebe labantu abasha abangasebenzi.

"Siqeqeshe abafundi abangu-1400, kwathi abangu-476 baqashwa kaMcDonald's South Africa.  Abangu-658 bakhethe ukuphuma ngaphansi kohlelo ngoba sebethole amanye amathuba. Okujabulisayo ukuthi abafundi abangaphezulu kuka-75%, abangasekho ngaphansi kohlelo baqashwe ngokugcwele emisebenzini abayikhetha. Kubo kukhona abangu-1.5% abazisebenzayo," kubeka uDkt Masia.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose