News Avenue
News / Izindaba

KUBATSHAZWE UKUHAMBA KAHLE KWE G20

KUBATSHAZWE UKUHAMBA KAHLE KWE G20
Umengameli Cyril Ramaphosa usenconywe kakhulu, ngokuthi iNingizimu Afrika isingathe iG20 Summit ebe yimpumelelo enkulu.

Lomhlangano wezinsuku ezimbili bewubanjelwe eGoli, eNasrec. Amazwe omhlaba abebuthene kulelizwekazi okokuqala eze kwi G20 njengoba beyiqala ngqa ukuza e-Afrika.

Ngaphandle nje kwamazwe omhlaba ancome iNingizimu Afrika ngokusingatha lengqungquthela ngempumelelo ngisho namaqembu aphikisayo kuleli amncomile uRamaphosa.

Umholi we-EFF, uJulius Malema uthe, ebhekise kuRamaphosa, cha iBuffalo libukhombisile ubuholi la. "Phela ngeke silokhu sigxeka noma kungenasidingo, usebenzile uRamaphosa nethimba," kubeka uMalema ku X.

Namanye aqhubekile encoma uRamaphosa.
Umhlangano weG20 olandelayo uzobanjelwa eMelika ekade ingabonwa nangokhalo kulomhlangano obewuvanjelwe eNingizimu Afrika.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose