News Avenue
News / Izindaba

KUBANJWE ABOKUFIKA ABANGU-10 BEZAMA UKUXHOPHA UMNYANGO KUBANJWE

KUBANJWE ABOKUFIKA ABANGU-10 BEZAMA UKUXHOPHA UMNYANGO KUBANJWE
 LINDOKUHLE NGCOBO 

KUBHIMBE uhlelo kwabokufika kuleli abangu-10,  abayizisulu zezikhukhula ebebezama ukuthola izindawo zokuhlala zesikhashana eMnyangweni wezokuHlaliswa KwaBantu KwaZulu-Natal(KZN). 

UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa KwaBantu eKZN uMnuz Siboniso Duma  udalule ukuthi  ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lokuhlaliswa kwabakhahlanyezwe izikhukhula zakamuva,  kukhona abaveza ukuthi balahlekelwa omazisi.

"Ngesikhathi sibanikeza usizo lokuthola omazisi babo ngobambisana noMnyango wezaseKhaya, bavele banqaba abanye banyamalala," kuchaza uDuma. 

"Njengamanje siqinise isandla ngabantu okumele bathole izindawo zokuhlala zesikhashana. Asifuni ukukhokha imali eshisiwe kanti sikhokhela abantu abangafanele ukusizwa uhulumeni," kusho uDuma. 

Lokhu kwenzeka nje  i-Operation Dudula  neMarch and March bafaka ingcindezi kuhulumeni wakuleli, wokuthi abantu abakuleli ngokungekho emthethweni babuyiselwe emazweni abo.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose