News Avenue
News / Izindaba

JULY 6, 2025 USUKU OLUKHULU LUKA MKHWANAZI

JULY 6, 2025 USUKU OLUKHULU LUKA MKHWANAZI
SIZWE BLOSE 

Ngalolu suku, July 6, 2025 uLt General Nhlanhla Mkhwanazi wadedela amabhomu kwisithangami sabezindaba ekomkhulu lamaphoyisa eThekwini.  Lesi sithangami saholela ekumisweni kwaNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu. Asigcinanga lapho ngoba yisona futhi esaholela ekuvulweni kweKhomishana kaMadlanga kanjalo ne-Ad Hoc committee okuphenya ngenkohlakalo emaphoyiseni. Njengamanje baningi abantu abalahlekelwa umsebenzi abanye ababoshwayo ngenxa yamahlazo avela kwiKhomishini ngenxa yesithangami sabezindaba eseza noMkhwanazi. IMadlanga seyiya ngasekupheleni seyizohambisa umbiko kumengameli. Singajhohlwa futhi ukuthi iNingizimu Afrika seyazi amagama oCat Matlala, Brain Mogotsi,  Feroz Khan nabanye abaningi ngenxa yesithangami sabezindaba eseza noMkhwanazi. Kubukeka besebaningi abasozogingqika ngenxa yaJuly 6, 2025.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose