News Avenue
News / Izindaba

IZOQALA KUNGEKUDALA IGO DURBAN-CYRIL XABA

IZOQALA KUNGEKUDALA IGO DURBAN-CYRIL XABA
IMeya yeTheku uCyril Xaba, uveze ukuthi emasontweni amabili alandelayo kuzombulwa izichuse zabaholi ababili ababamba elikhulu iqhaza emzabalazweni.


IMeya iveze lokhu emcimbini lapho beyihlangene nabahleli kanjalo nezintatheli, e-Octavia Hotel, eNanda, namhlanje.

Imeya ithe kuzombhulwa nesichuse sikaDr Nelson Mandela owaba umengameli wokuqala kwintando yeningi, nesika Oliver Reginald Tambo owaba ngumengameli we-ANC isikhathi eside.

UXaba uphinde waveza ukuthi bekuqala ukuthi kube nesikhathi esimnandi kangaka ngamaholidi kaDecember.

Uthe amaphoyisa enze umsebenzi omkhulu kakhulu ukubopha labo abebeshayela bedakiwe, aphinde agudluzu nezimoto ezingakulungele ukuba semgwaqeni.

Uthe izindawo zokudla nezokulala bezigcwele ngalamaholidi.

Iveze ukuthi ngeke sisaba khona isidingo sokuhlala eGoli. "Uzohlala eThekwini uye emsebenzini eGoli ngezimpelasonto uzokuba seThekwini," kusho uXaba.

 Uthe  kuzoba lula ngenxa yesitimela esizosuka eThekwini siye eGoli sihambe amahora amabili nje kuphela.

Umeya uthe kusazoba mnandi kakhulu eThekwini. Uthe kuseza amaMetro FM Awards, kuza u-Anthony Hamilton, Brian Adams nabanye abaningi.
Uphethe ngokuthi umnotho ungenile kakhulu eThekwini.

Imeya ibuzwa ngokuthi iqala nini iGo Durban. Ithe kungekudala uma sebelungise konke nemboni yamatekisi izoqala.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose