News Avenue
News / Izindaba

IZINKUMBI ZABANTU AYIYANGA KOHLANGABEZA IBAFANA BAFANA

IZINKUMBI ZABANTU AYIYANGA KOHLANGABEZA IBAFANA BAFANA
IBafana Bafana ithelekile kuleli laseNingizimu Afrika. Besekujwayelekile ukuthi yamukelwe yizinkumbi zabantu uma ephuma emincintiswaneni yalolu hlobo.  Kulokhu abantu bebengabonwa nangokhalo. Lokhu kudalwe ukuthi iBafana Bafana iphume kwiTop 16 kanti abanye bebezitshela ukuthi kungayiyona engase idle umhlanganiso kulomqhudelwano we Afcon, obanjelwe ezweni iMorroco. Ukukhishwa kweBafana Bafana iCameroon edume nge Indomitable Lions kubaphoxe kakhulu abantu baseMzansi. Abanye bagcine belahlekelwa ithemba lokuthi njengoba leli qembu lesizwe liyodlala kwindebe yomhlaba lizokwenza kahle nje, kwazise lalahla amathuba amaningi lidlala neCameroon.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose