News Avenue
News / Izindaba

IZINKUMBI KUGCAGCA IROYAL CHANCELLOR

IZINKUMBI KUGCAGCA IROYAL CHANCELLOR
Bekuphume nesinedolo kugcagcelwa iNkosi uMalusi Zondi, oyiRoyal Chancellor yesizwe samaZulu, izolo eMzimnyathi.

 Lomshado obewunezicukuthwane namalungu omphakathi bewubanjelwe enkundleni yezemidlalo kuWard 3 khona eMzinyathi, waphelela emagcekeni akwaZondi khona kulendawo.

UZondi nomaKhumalo ebesebethandane iminyaka engu 7 benze konke ngokohlelo lakwaShembe ngisho nefindo lomshado lihlanganiswe uMfundisi waleli bandla.

Lomshado ebekugingqwe izinkomo ezingu 50 kuwona bewuhanjelwe nawu Ngqongqoshe wakwaCogta uMfu Thulasizwe Buthelezi, uJeff Radebe, Lindiwe Zulu nabanye abaningi.
Kuphinde kwane-reception, ebeyiphethwe umsakazi woKhozi FM, uKhathide Ngobe.

Engxoxweni ebe nayo neNews Avenue, Inkosi uZondi ubonge kakhulu Isilo uMisuzulu kaZwelithini okunguyena owambeka njengeRoyal Chancellor, wabonga uNdunankulu kaZulu athe ubambisene kahle kakhulu naye. "Ngiqala ngqa ukubona abantu abangaka emagcekene akoZondi, ngifisa ukuzibongela kubona bonke abantu abaphumelelile," kubeka iRoyal Chancellor.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose