News Avenue
News / Izindaba

ISILO SITHI AYIYEKELWE KUSONA EYABOKUFIKA

ISILO SITHI AYIYEKELWE KUSONA EYABOKUFIKA
Lindokuhle Ngcobo 

INGONYAMA yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini ithi, amaphaphu phansi ngodaba lwabokufika, abakuleli ngokungekho emthethweni. 

Lokhu kuvezwe uMntwana Thulani Zulu waseZibindini okhulumela iSilo neNdlunkulu. 

Ethula inkulumo eqoshiwe namuhla uMntwana Thulani uthe, iNgonyama isikuzwile ukukhala kwesizwe samaZulu ngodaba lwabokufika kuleli. Wathi iSilo  sibambisene noHulumeni ukulungisa lolu daba.

"Ukhona umthetho ochaza ukuthi abantu bangaphandle, uma beza kuleli imiphi imiqathango okumele bayilandele, indlela yokuziphatha nokuphilisana nabantu bakuleli. Asikuboni kwenzeka lokho, sesizwe izinkulumo ezivusa uhlevane, ezenza ukuthi abantu bathukuthele. Ithi Ingonyama yeSizwe samaZulu amaphaphu phansi Zulu. Iyalusebenza lolu daba," kuchaza uMntwanaThulani. 

Ephetha udalule ukuthi iSilo sizokhuluma ngalolu daba eMkhosini waseSandlwana ngoLwesine mhlaka 22 January.

Izikhalo zabantu bakwaZulu-Natal zivele ngaphansi kwevidiyo ebifakwe ekhasini leSilo. Kule vidiyo bekuvela Amabutho eSilo nombhalo othi, "Amabutho zinkalo zonke amabombo azobe ebheke eSandlwane ngomhlaka 22 kuMasingane lapho iSilo siyokwethula inkulumo ebhekiswe esizweni,"

Siphawula ngaphansi kwale vidiyo isizwe samaZulu, sinxuse iSilo ukuba siphefumulo ngodaba lwabokufika. Abanye balibeke ngembaba elokuthi amabutho awahlangane kuyiwe endaweni yasePoint, eThekwini kuyolwisana nabokufika.

Ohola inhlangano iMarch and March elwisana nabokufika kuleli uNkk Jacinta Ngobese Zuma ungomunye wabaphawulile kule vidiyo. 

"Sicela usuku lokuya ePoint, sikhathele bakithi, nakhu sizohanjelwa izwe sibhekile," kubhala uNgobese-Zuma.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose