News Avenue
News / Izindaba

ISILO SIKHATHAZEKILE NGOKUNCIPHA KWEMISHADO

ISILO SIKHATHAZEKILE NGOKUNCIPHA KWEMISHADO
LINDOKUHLE NGCOBO 

UKUNCIPHA kwemishado ezweni kushiya imibuzo kwiSilo samabandla onke Ingonyama uMisuzulu kaZwelithini. 

ISilo siveze lokhu ngesikhathi sesivalelisa izintombi eseziyogana eMkhosini woMhlanga esigodlweni eMashobeni, oPhongolo izolo. 

"Ngiyazi zinsizwa akulula ukuthi nithathe amakhosikazi. Kudinga ngempela ubeyindoda uqine udonse amasokisi. Manje angazi Butho likaMageba ukuthi zinsizwa zakithi ngoba izintombi zingaka kuzowathini. Komele ukuthi sikuhlalele phansi lokhu Makhosi aseNdlunkulu sikucubungule. 

"Naba odadewethu begugela endlini. Angisakhulumeli laba balapha ekhaya. Yonke imizi kaZulu siyakhala asibambisane, uma mhlawumbe kukhona lapho okumee kugxegiswe khona. Buka kumele ngabe kuhlezi izintombi ezingu-1000 lapha, awubheke ukuthi bancane kangakanani," kubeka iSilo.

Kuzo ezokugana  okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu waseZibindini uveze ukuthi beyiNdlunkulu bayawuchitha umthetho wokuthi amadoda asevumelekile ukuthatha izibongo zamakhosikazi. 

"Kusho ukuthi uma ufika ngane yami uthi umyeni wakho akube uMdluli. Siyagangelwa thina maZulu bese kuqhoshwa ngokuthi othandayo uyokwenza. Kufakwelani?, yonke into kumele iqale ngathi ngoba siyabulawa. Ayikho lento kwaZulu ngeke siyivumi," kubeka uMntwana uThulani. 

Lo Mkhosi obuhanjelwe izintombi ezingaphezulu kuka-40 000 ubuhlelwe iNdlunkulu kaZulu ngokubambisana noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose