News Avenue
News / Izindaba

ISILO SESILULE ISANDLA SOKUBUYISANA ENDLUNKULU

ISILO SESILULE ISANDLA SOKUBUYISANA ENDLUNKULU
LINDOKUHLE NGCOBO 

ISILO samaBandla onke iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini sesiqalile ukwenza izinhlelo zokubuyisana nokwakha ubumbano kumalungu aseNdlunkulu neSizwe. 

Kulandela ukuthi iSilo sikhiphe isimemo, lapho sibiza khona zonke izinhlaka zoBukhosi ukuba ziphelele ngothi lwazo esibayeni esikhulu esiGodlweni eMashobeni, oPhongolo, mhlaka 29 October 2025.

Phakathi kwezinhlaka ezimenywa iNgonyama Amakhanda eziNdlu zoBukhosi BukaZulu, iziGodlo zeNgonyama,  Abantwana baseNdlunkulu neNdlunkulu, Amakhosi aseNdlunkulu, abadidiyeli nezinduna namabutho kaZulu. 

Okhulumela iSilo neNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu uthi inhloso yalo mhlangano, ukubikela isizwe ngempumelelo  emumva kohambo olude lokubonisana ngeSihlalo sobuKhosi bukaZulu. 

"Ukwelula isandla soxolo nokubuyisana phakathi kweNdlunkulu kaZulu neSizwe. Ukukhulekela ubumbano kuziNyandezulu ezingabanikazi besiHlalo nokuhlahla indlela ebheke phambili ukusukela esikhathini samanje," kuchaza uMntwana uThulani esitatimendeni esiphume namuhla.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose