News Avenue
News / Izindaba

ISILO SELULE ISANDLA NGEMUVA KWESINQUMO SENKANTOLO

ISILO SELULE ISANDLA NGEMUVA KWESINQUMO SENKANTOLO
LINDOKUHLE NGCOBO 

SEKUVELE ukuthi Ingonyama yeSizwe samaZulu uMisuzulu kaZwelithini, yelula isandla kuwo wonke amalungu aseNdlunkulu egameni loxolo  nokubuyisana. Kulandela isinqumo seNkantolo ephakeme yasePitoli esivuna uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa. 

 Lesi sinqumo senkantolo sithi, uRamaphosa walandela imigudu efanele ngesikhathi ekhipha isitifiketi sokubusa isizwe samaZulu wasinikeza iSilo esibusayo. Lokhu kusho ukuthi inkantolo ichithe uMntwana uMbonisi  KaBhekuzulu noMntwana uSimakade kaZwelithini. 

Okhulumela iSilo neNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu uthi lesi akusona isikhathi sokubhiyoza noma sokwehlukana kodwa esokuthi kubekwe phambili ukubuyisana ukuthandana kusetshenzelwe ubuKhosi nesizwe. 

"Ngaphansi koholo lweSilo saMabandla onke iNdlunkulu kaZulu noMkhandlu izoqhubeka ngokusebenza
ngokuthembeka, ukuqinisa ubukhosi, ithuthukise ubuholi beNdabuko nesizwe sonke sikaMthaniya kanjalo igcine amasiko nefagugu likaZulu," kuchaza uMntwana uThulani.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose