News Avenue
News / Izindaba

ISILILO KUDLULA OKA MASKANDI

ISILILO KUDLULA OKA MASKANDI
LINDOKUHLE NGCOBO 

Umphakathi nabathandi bomculo kaMaskandi bashaqekile kulandela ukudlula emhlabeni kwesihlabani sikaMaskandi uScebi "Inkosi Yamagcokama" Dlamini, waseMsinga, engozini yemoto eyenzeke emgwaqeni u-R34, eRichards Bay namhlanje entathakusa ngosuku Lwabesifazane (Women's Day). Abaculi abazifikele mathupha endaweni okwenzeke kuyo le ngozi uKhuzani Mpungose noNtencane Zondi.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe uNgqongqoshe weZokuthutha KwaZulu-Natal(KZN), uMnuz Siboniso Duma, uqinisekise ukuthi ingozi yenzeke ngqo emarobhothini azungeze isibhedlela iMelomed, eRichards Bay.

"Amaphoyisa omgwaqo, abezomthetho baseMhlathuze, Amaphoyisa kanye nabosizo lokuqala benze konke okusemandleni abo ukuhlenga lo mculi kodwa ngebhadi ulimale kanzima kakhulu, washonela khona lapho kwenzeke khona ingozi. Kule moto bekunabantu abane; abathathu babo baphuthunyiswa esibhedlela. Ngebhadi, oyedwa kulabo abasinde kuqala, usedlule emhlabeni esibhedlela. Abanye ababili basalulama ngaphansi kweso likodokotela," kubeka uDuma.

Eqhuba udlulise amazwi enduduzo emndenini kaScebi, nasemndenini womunye umgibeli oshonile, nakubo bonke abathandi bomculo kaMaskandi. Wathi amaphoyisa ophiko olubhekelela ezezingozi lwenze uphenyo olunzulu ngembangela yale ngozi.

Inkosi Yamagcokama ibalwa namanye amaqhawe abeke indawo yaseMsinga ebalazweni ngobuciko bayo obukhethekile bomculo. Lo mculi, owanqoba indondo ye-Best Maskandi kuma-SATMA ngonyaka ka-2023, uzokhunjulwa kakhulu ngezingoma zakhe ezinjenge- "Kuyazenzakalela", "Kungcono Ngife", kanye nethi "Asenzele Bona". Umculo wakhe nohleko lwakhe oluzithobile luzohlala luyisibonelo nenselelo kubaculi abasafufusa kulo mkhakha okhula ngezinkani. Mayelana nezinhlelo zokufihlwa kwakhe(uScebi) umndeni uzomemezela uma usuhlangene.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose