News Avenue
News / Izindaba

ISIKHULU SE IEC SICACISA NGEMIFANISWANO YEZEPOLITIKI

ISIKHULU SE IEC SICACISA NGEMIFANISWANO YEZEPOLITIKI
LINDOKUHLE NGCOBO 

ABAVOTI sebevumeleke ngokusemthethweni ukugqoka umfaniswano wezepolitiki ngosuku lokuvota. Lokhu kuqinisekiswe isikhulu esiphezulu se-IEC KwaZulu-Natal uNkk Ntombifuthi Masinga,  engxoxweni ekhethekile neNews Avenue Media namuhla eWestville, eThekwini. 

UMasinga uthi abantu baseNingizimu Afrika bakhaliphile,  echaza indlela abavoti  abawuvala ngayo umthetho owawuphikisana nokugqokwa komfaniswano wezombusazwe ngosuku lokhetho.

"Babuza umbuzo onzima othi: Ngenjenjani uma nginesikibha seqembu  kuphela,  ngingenayo enye into yokugqoka?" kusho uMasinga.

Eqhuba uthi ngenxa yaleso  sizathu, i-IEC yakubona kufanele ukuba abavoti bavunyelwe ukugqoka lezi zimpahla.

Lokhu kuvela nje elakuleli libheke okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhlaka 4 November 2026.

Ephetha uMasinga uveze ukuthi umvoti uzokwazi ukuvota kwiwadi ahlala kuyo nabhalise kuyona. Ingxoxo ephelele noMasinga izosakazwa ekhasini likaYouTube weNews Avenue Media maduze.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose