News Avenue
News / Izindaba

ISEXWAYISO SOMLILO WEQUBULA KWAZULU-NATAL

ISEXWAYISO SOMLILO  WEQUBULA KWAZULU-NATAL
LINDOKUHLE NGCOBO 

KUXWAYISWA umphakathi waKwaZulu-Natal(KZN) ukuthi uqaphele umlilo weqebulo.

Lokhu  kulandela ukuqubuka komlilo wequbulo oPhongolo izolo. Lo mlilo uholele ekutheni kulimale kabi umuntu oyedwa, ohlengwe ngabezimo eziphuthumayo ebebehamba ngendiza enophephela emhlane.

UNgqongqoshe wezokuBusa nokubaMbisana neziNdaba zoMdabu eKZN, uMfu Thulasizwe Buthelezi ucela umphakathi ukuthi uqhubeke nokuqaphs isimo somlilo. 

"Isimo somoya owomile onamandla, kulindeleke ukuthi siqhubeke. Ubungozi bomlilo weqebulo kusephezulu kakhulu, isifundazwe saKwaZulu-Natal sonke," kubeka uMfu Buthelezi esitatimendeni. 

Eqhuba uncome abezimo eziphuthumayo ngokubambisana nezakhamizi ngokuhlenga impilo yolimele. Wafisela olimele ukululama okusheshayo.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose