News Avenue
News / Izindaba

ISEXWAYISO EMPHAKATHINI KUSHONA ABABILI

ISEXWAYISO EMPHAKATHINI KUSHONA ABABILI


LINDOKUHLE NGCOBO

UMKHANDLU weTheku unxusa umphakathi  ukuba uyeke ukuntshontsha noma ukucekela phansi ingqalasizinda. Kulandela ukutholakala kwezidumbu ezimbili esiteshini sikagesi eSiphingo, eningizimu yeTheku izolo. 

Kusolakala ukuthi laba abashonile bebezama ukuntshontsha noma ukucekela phansi ugesi. Kuvela ukuthi bebe bane ngesikhathi begasele indawo kagesi ngokungekho emthethweni, ngeshwa kube sekuqhuma umlilo kwalimala ababili abashonile. 

 Obambe njengoMqondisi woMnyango wezamandla eThekwini uMnuz Philani Shange uthe  lesi sigameko siyisikhumbuzo sokuthi isiteshi sagesi siyingozi uma uzama ukusondela kuso ngokungekho emthethweni. 

"Lesi senzo asigcini ngokuphazamisa ukusebenza kukagesi emphakathini kodwa siyingozi nasezimpilweni zalabo abasuke benza okubi," kubeka uShange.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose