News Avenue
News / Izindaba

ISEKUDE UKUPHELA IMPI EPHAKATHI KWENDLULAMITHI NOZONDA AMAGWALA

ISEKUDE UKUPHELA IMPI EPHAKATHI KWENDLULAMITHI NOZONDA AMAGWALA
SIZO BLOSE 

Umntwana uThokozani Zulu okhulumela uMntwana uSimakade KaZwelithini, uZonda Amagwala uphumele obala esithangamini sabezindaba ukuthi, bona abahambisani nesinqumo senkantolo esivune iNkosi uMisuzulu kaZwelithini njengofanele ukuba sesihlalweni. UMtwana uThokozani usamile ekutheni iNkosi yesizwe samaZulu, kumele kube uZonda Amagwala hhayi Indlulamithi njengoba kushiwo.

Uthe siyiphutha elikhulu isinqumo senkantolp, ube eseveza ukuthi bazosidlulisa lesi sinqumo kumbe bazosiphosela inselelo.

Ube eseveza izinto azichaze njengezihlukumeza uMntwana uSimakade, uZonda Amagwala, uqale ngokuveza udaba lwalabo abakulelizwe ngokungemthetho. "UZonda Amagwala simhlukumeza kakhulu isimo sokuthathwa kwemisebenzi ngabokufika kuleli. Nathe abanye akukho okusha abeza nakho kodwa bathatha imisebenzi okumele yenziwe abantu bakuleli. Uphinde wakhala kakhulu ngemiphefumulo edlule nabantu abangu 42 beya eMalawi nase Harare, eZimbabwe," kuchaza uMntwana uThulani.
Uthe bayayizwa nje Indlulamithi ithi akubuyiswane kodwa bayizwela kude. Uphinde waveza ukuthi Indlulamithi ile eDubai ukuyosayinda izivumelwano ezithize ezingaziwa. Wathi kuyabakhathaza kakhulu lokhu.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose