News Avenue
News / Izindaba

ISAPAKISIWE INDIZA YAMA PALESTINE E-OR

ISAPAKISIWE INDIZA YAMA PALESTINE E-OR
Asephenduke ondingasithebeni amaPalestine  atheleke kuleli namhlanje evela ezweni lawo. 

Ngokwemibiko, kuthiwa lama Palestine angu 160 into ebaxabanise nezikhulu zamabhanoyi ukuthi e-OR International Airport kube amaphepha okungena kulelizwe. 

Njengoba sibhala nje basesebhanoyini kusona lesi sikhumulo.
Umlisa ogcine engenile kulendiza abahamba ngayo uthi into eyenza isimo sibenzima kakhulu ukushisa, futhi bahamba nezingane ezincane nokumele zishintshe amanabukeni. Kuphinde kuvele ukuthi babonelelwe ngeNandos engu 200 ukuze bathibe indlala.

Lendiza kuthiwa njengoba ifika lapha nje beyisuka Nairobi, eKenya  ngoba sekukhalwa nangopetrol wendiza ukuthi uyaphela.

Kuyaziwa ukuthi sibi isimo ezweni lalamaPalestine njengoba besempini nezwe lakwa Israel.

Kuthiwa abanye amaVisa abo abakhomba e-Australia, abanye eCanada kodwa kubukeka sengathi lapho abazama  ukungena khona bayachithwa.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose