News Avenue
News / Izindaba

ISACP IZOKHUMBULA UJOE SLOVO NGEMUVA KWEMINYSKA ENGU 31 ASHONA

ISACP IZOKHUMBULA UJOE SLOVO NGEMUVA KWEMINYSKA ENGU 31 ASHONA
Namhlanje uNobhala Jikelele weSacp, uSolly Mapaile  kulindeleke ukuthi ahole inkonzo yesikhumbuzo yalowo owayenguNobhala Jikelele wamaKhomanisi, eGauteng.

Kuphela iminyaka engu 31, uJoe Slovo adlula emhlabeni. Lomholi owayemhlophe wayengalufuni nalapho luhambe khona ubandlululo. Kanti nonkosikazi wakhe wabulawa kabuhlungu uhulumeni wobandlululo.

Lesi sikhumbuzo sika Slovo senzeka nje umbhimbhi lwe lwe-ANC, Sacp neCosatu lubhekene nezinkinga.

UMapaile kulindeleke ukuthi abuthinte ubudlelwano bombhimbhi. Uzophinde acacise ngokungenela ukhetho ngokuzimela, kwazise kunamalungu eSacp angongqongqoshe abamele i-ANC bengamalungu eSacp ukuthi kuzokwenzakalani ngabo. Kuningi okuzomele kucaciswe yilo mholi. Amanye amalungu eSacp ikakhulu KwaZulu-Natal awahambisani nokungenela ukhetho ngokuzimela kwe Sacp.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose