News Avenue
News / Izindaba

IPHINI LIKANGQONGQOSHE LICHITHA EYOKUQASHWA KWABOKUFIKA KULELI

IPHINI LIKANGQONGQOSHE LICHITHA EYOKUQASHWA KWABOKUFIKA KULELI
LINDOKUHLE NGCOBO 

LICHITHA eyokuqashwa kwabantu bokufika, abakuleli ngokungekho emthethweni iPhini likaNgqongqoshe wezeMisebenzi nabaSebenzi kuleli, uMnuz Jomo Ntuthuko Sibiya.

USibiya uveze lokhu emcimbini weNkungumathe NPO, eNkungumathe, eNkandla ngoLwesihlanu. 

"Kuyiqiniso ukuthi kunezinkampani eziqashe abantu bokufika abakuleli ngokungekho emthethweni.  Siwuhulumeni asihambisani nalokho, kuyimanje simatasa senza izinhlelo zokuthi kube nemisebenzi eyakhelwe abantu bakuleli kuphela," kuchaza uSibiya.

Uqhubekile wakhuthaza umphakathi ukuthi usukume uzibambele, ungabheki ukusizwa uhulumeni ngaso sonke isikhathi.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose