News Avenue
News / Izindaba

INTOKAZI YASE MGUNGUNDLOVU IDLE UMHLANGANISO KOWE GAGASI FM

INTOKAZI YASE MGUNGUNDLOVU IDLE UMHLANGANISO KOWE GAGASI FM
SIZO BLOSE 

Intokazi yaseMgungundlovu, uSthabile Mazubane (33) kube yiyona edle umhlanganiso emncintiswaneni obewuhlelwe yiGagasi FM obizwa ngeRising Star competition. 

Kuthe izolo ohlelweni lwantambama iHead of Audience Experience, u-Alex Mthiyane wamemezela uSthabile njengophumelele kulo mcintiswano.

Kulabo abebengenelile besekusele abahahlanu obesekumele kukhethwe kubona futhi kuvota umphakathi, kukhona namajaji.
USthabile uyena ozoshayela iGagasi FM Vodcast, Elavate ezoba khona kabili ngenyanga.

 Lentokazi ithe ihluleka nawukuzibamba yinjabulo. "Vele bengingumlandeli omkhulu weGagasi FM, ngizimisele ukukhula nalo,"kusho uSthabile.

Okhulumela lomsakazo uKhulekani Shandu, ubongele lentokazi, waphinde wayemukele emndenini weGagasi FM.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose