News Avenue
News / Izindaba

INKOSI IKHUTHAZE UKUGANWA

INKOSI IKHUTHAZE UKUGANWA
LINDOKUHLE NGCOBO 

IKHUTHAZA abantu besilisa ukuthi baganwe Inkosi uZakhe Mpungose yesizwe sakwaMpungose eNkandla.

UMpungose uveze lokhu ngesikhathi egcagcelwa uNdlunkulu Thabisile Mpungose endaweni yaseSigcalabeni, eNkandla izolo.

Inkosi ithi ukuganwa kubalulekile ngoba kuyisintu

"Kuyisintu ukuthi uma ungumfana, uzalwe ukhule, uganwe wakhe umuzi kababa wakho. Nentombazane kuyisintu ukuthi uma ikhula, ithole isoka elizoyilobola igcine ingumama womuzi," kubeka Inkosi Mpungose. 

Lo mshado ubuhanjelwe Amakhosi aseNdlunkulu, Amabutho, uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli, uNgqongqoshe wezokuBusa nokubaMbisana neziNdaba zoMdabu eKZN uMfu Thulasizwe Buthelezi noKhuzani Mpungose ongumculi kaMaskandi ozalwa kubo kweNkosi.

Kuphinde kwanandisa abaculi okubalwa kubo uNjoko, Falabo, Mabhilidi, Qwabe Twins noMkhulekelwa.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose