News Avenue
News / Izindaba

INKANTOLO ICHITHE UMNDENI NGOWAYENGU MENGAMELI EZAMBIA

INKANTOLO ICHITHE UMNDENI NGOWAYENGU MENGAMELI EZAMBIA
Uhluleke wancama umndeni walowo owayenguMengameli eZambia, uEdgar Lungu ukuthi angcatshelwe kuleli (Ningizimu Afrika).

Umndeni bewunesifiso sokuthi uLunga angcatshelwe eNingizimu Afrika njengoba ebengabhekani nohulumeni ophethe ezweni laseZambia.

Ube sewufaka isicelo enkantolo. Ngebhadi isicelo sawo sichithiwe iNkantolo eNkulu, ePitoli nakulapho besilalelwe khon amajaji. UJaji Ledwaba uthe uLungu ubenguMengameli eZambia, abantu bakhona bemthanda futhi, kuzomele angcatshelwe ekhaya, uhulumeni wakuleliya lizwe.

ULungu sekunesikhathi adlula emhlabeni kodwa ubesesemakhazeni akhona kuleli, kusazanywa ukuxazulula indaba yokuthi kumele afihlwe kuphi. Ubelashelwa kuleli kwezinye zezibhedlela, uze washonela khona kuleli.

UJaji Aubrey Ledwaba unxuse izwe laseZambia ukuthi lizolanda umzimba kaLungu njengoba esezofihlwa uyena uhulumeni.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose