News Avenue
News / Izindaba

INJABULO KUFIKA IKHAMBI LOKUVIKELA INGCULAZA KULELI

INJABULO KUFIKA IKHAMBI LOKUVIKELA INGCULAZA KULELI
INJABULO kufika imithamo engu 37 920 womjovo(PreP) omusha wokuvikela ingculaza. Lo mjovo uthathwa kabili ngonyaka, okusho ukuthi uvikela igciwane izinyanga ezingu 6 ngomjovo owodwa.

UNksz Thabile Mwandla oyiClinical Technologist nongusosayensi  ekukhiqizweni  kwamakhambi, ungomunye  wochwepheshe ababambe iqhaza ngesikhathi kuvivinywa leli khambi(PreP).

UMwandla uthi ujabule ngokufika kwalo mjovo ngemuva kokuthi iNingizimu Afrika ilinde isikhathi eside. Uthi basebenza kanzima eminyakeni emithathu edlule behlola leli khambi.

"Sihambele izindawo ezingu 25, imitholampilo, izibhedlela nazikhungo. Izivivinyo zenziwe eNingizimu Afrika nase-Uganda. Abantu abesihambele kakhulu abaphakathi kweminyaka engu 18 kuya kwengu 25 ubudala, emva kweminyaka emithathu sibe nempumelelo enkulu ngemuva kokuba kwenziwe izivivinyo  eziningi futhi sadlula ezivumelanweni  eziningi  ezivela ezikhungweni zamazwe ngamazwe ezilawula ezempilo," kubeka uMwandla.


Eqhuba uthi isifiso sakhe ukuthi bonke abantu bathole umthamo womjovo mahhala, ikakhulukazi abantu abasha abasezikoleni nasezikhungweni zemfundo ephakeme.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose