INHLANGANO ENGANGENISI NZUZO IZOVAKASHELA IZINTANDANE
Ekhuluma neNews Avenue, u-Anele uqinisekise ukuthi nakuba beqale ngokugxila ekubumbeni amakhono entsha afana nezokulingisa, izinkondlo, ukumodela nokunye kodwa manje sebefuna ukungenelela nakwezinye izinselelo zomphakathi.
"Manje sesifisa ukuvakashela izikhungo zezintandane namakhaya abadala. Sifisa ukufika sinikele ngokudla kanye nezimpahla zokugqoka. Ngithemba ukuthi lokhu kuzokwenzeka ngoba izicelo siyazifaka ukuze sikwazi ukuhambela lezi zindawo," kusho u-Anele.
Uqhube wathi i-Ubunye Foundation ikhathalela labo abaswele emphakathini.