News Avenue
News / Izindaba

INHLAMBULUKO EBUKHOSINI BUKAZULU

INHLAMBULUKO EBUKHOSINI BUKAZULU
Intatheli yeNews Avenue 

KULINDELEKE ukuthi  iNdlunkulu kaZulu ibenomcimbi wenhlambuluko kusasa mhlaka 21 August.

Lokhu kumenyezelwe uMntwana uThulani Zulu   onguMkhulumeli weSilo neNdlunkulu. 

Esitatimendeni uMntwana uThulani uveze ukuthi ezinyangeni ezedlule kube nesimo esingesihle ngaphakathi esiGodlweni kwaKhangelamankengane.  Lesi simo saholela ekutheni kube nokushintshana ngamazwi angemahle, lapho khona iSilo uMisuzulu kaZwelithini saba namagama angemahle ayebhekiswe kuMnuz Moses Tembe oganwe uMntwana uNtandoyesizwe Zulu-Tembe oyizinyane lesiSilo uZwelithini kaBhekuzulu. 

"Emumva kokuhlala kweNdlunkulu ilungisa lolu daba izigaba ngezigaba. INdlunkulu isifinyelele ekutheni ngoLwesine mhlaka 21 kuNcwaba 2025 ngesikhathi sika-11h00 kudlulwe esigabeni senhlambuluko ukuze kuvalwe leli khasi elingabanga lihle eNdlunkulu nasesizweni. Amakhanda ezindlu, abaNtwana baseNdlunkulu neNdlunkulu iyamenywa ukuba ibe ingxenye yalo mhlangano," kubeka uMntwana uThulani.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose