News Avenue
News / Izindaba

INGEBHE NGOBUGEBENGU OBENZEKA EZIKHUNGWENI ZEZEMPILO

INGEBHE NGOBUGEBENGU OBENZEKA EZIKHUNGWENI ZEZEMPILO


LINDOKUHLE NGCOBO

IYAKHATHAZA eyokuhlaselwa kwabasebenzi neziguli ezikhungweni zezeMpilo KwaZulu-Natal(KZN). Lokhu kuhlale obala ngesikhathi i-Aids Healthcare Foundation (AHF) South Africa yethula ngokusemthethweni ikomidi elizoba izwi lomphakathi kwezempilo, elibizwa ngeCommunity  Power Voices(CPV) ngoLwesihlanu eWestville, eThekwini. 

Okwamanje leli komidi lizosebenzisana nomphakathi oseningizimu yeTheku okubalwa indawo yaseMlaza, ehamba phambili ngobugebengu obenzeka emtholampilo.

Echaza kabanzi ngeCPV uMnuz Sibusiso Mngadi onguMxhumanisi ka-AHF uthi umsebenzi weCPV, oholwa uSihlalo uNksz Lindiwe Nzuza, ukwenza isiqiniseko sokuthi ezempilo zibekwa phambili emphakathini. Wathi kuyakhathaza ubugebengu obenzeka emphakathini, ebalisa ngokuthi kuphazamisa ukusebenza kwemitholampilo.

"Kusemqoka ukuthi kukhulunywe ngokubaluleka kwezempilo, ukuthi uma uyokwenza ubugebengu emtholampilo ibuphi ububi okwenzakalayo emphakathini. Abasebenzi bayabaleka ngoba abafuni ukusebenza emtholampilo enobugebengu, abanye abantu bagcine sebesaba ukuya emtholampilo. Uma abantu besaba ukuya emtholampilo, kusho ukuthi abadla imishanguzo yeTB/HIV, bazogcina senengasayidli kahle. Uma bengasayidli kahle ukubhebhetheka kweTB/HIV kuyanda ngoba abantu abasayithatha imishanguzo yabo," echaza. 

"Ubugebengu bunomthelela omubi, abantu okumele balande imishanguzo kashukela uthole ukuthi abasayilandi, okumele balande imishanguzo yeBP uthole ukuthi abasayilandi, kwenzakalani lapho, baningi abantu abazogula emakhaya. Ngaleyo ndlela ezempilo zibalulekile ukuthi yonke into ihambe kahle," kubeka uMngadi.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose