News Avenue
News / Izindaba

INDLUNKULU ICHITHA EYOKUDUNGUZELA KWESILO

INDLUNKULU ICHITHA  EYOKUDUNGUZELA KWESILO
INdlunkulu kaZulu ichitha imibiko mayelana nesimo sempilo yeSilo uMisuzulu kaZwelithini, okusabalele ukuthi sisesibhedlela egumbini labagula kakhulu. 

UMntwana uThulani Zulu okhulumela iSilo neNdlunkulu kaZulu uthi uBayede uphilile futhi uyaqhubeka nemisebebenzi yakhe yokuhola isizwe ngokuzinikela.

"Ngiphoxekile kakhulu ngokubona izindaba ezingamanga ezisabalele  ezinkundleni zokuxhumana,  zithi iSilo siphuthunyiswe esibhedlela egumbuni labagula kakhulu (ICU). Siphika amaphimbo amabili ukuthi lokho akulona iqiniso. INgonyama ibivakashele udokotela wayo njengomkhuba ovamile," kusho uMntwana Thulani.

UMntwana unxusa izakhamuzi nabasebenzisi bezinkundla zokuxhumana ukuba baqaphele ukusabalalisa imibiko engasekelwe ngobuqiniso. Uthi lokho kubhekwa njengesenzo sokungabambisani okwenza isizwe sethuke ngaphandle kwesidingo.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose