News Avenue
News / Izindaba

IMKP ILUYISA ENKANTOLO OLWE VOTE OF NO CONFIDENCE

IMKP ILUYISA ENKANTOLO OLWE VOTE OF NO CONFIDENCE
IMKP ithi ayililahlile ithemba ngesiphakamiso sayo sokungabethembi ubuholi baThami Ntuli, onguNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal. 

Lokhu kulandela ukuthi ngoLwesibili ehlanganile amaqembu ameleleke eSishayamthetho kodwa kwaba nezinxushunxushu, uSomlomo uNontombeko Boyce wagcina ememezele ukuthi izinhlangano ezingaphansi kweGovernment of Provincial Unity izona eziphumelelile ngamavoti angu-40 kwangu 39.

IMKP ena-37 wezihlalo, ehambisana ne-EFF  enezihlalo ezimbili ithi, lolu daba lwevoti eyimfihlo izoluyisa enkantolo manje ukuphoqa uSomlomo.

UMagasela Mzobe oyinhloko ehhovisi likaMengameli waleli qembu uJacob Zuma uthe, kuyingozi ukuvota ngokukhululekile ngoba bona bathole ukwesatshiswa futhi bananobufakazi emafonini abo, bathi yingakho bephakamisa ivoti eliyimfihlo.
Uthe bazophinde basenze lesi siphakamiso ekuqaleni konyaka ozayo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose