IMEYA YETHEKU IKHALA NGAMABHILIDI ANGANAKIWE
Ekhuluma uXaba uthe uMasipala uzoqala izinhlelo zokubuyisa amabhilidi anganakiwe abanikazi bawo, nalawo asezandleni ezingafanele.
"Izinhlelo zokubuyisa amabhilidi sizozenza namaphoyisa, uMnyango wokuHlaliswa kwabantu noMnyango wezaseKhaya. Sizobe sibheka ukusetshenziswa kwebhilidi, kanjalo nesibalo sabantu abahlala khona," kuchaza uXaba.
Eqhuba uMeya ubalise ngokuthi, abantu abahlala kumabhilidi ngokungafanele, basebenzisa ugesi namanzi kaMasipala ngokungekho emthethweni.