IMEYA NEMBIZO YOKULULEKA AMADODA NGOKUVIKELWA KWABESIFAZANE NEZINGANE
Le mbizo ehlelelwe ukuba ibe ngoLwesihlanu mhlaka-29 ku-May ehholo lomphakathi eLulwane, kulindeleke ukuthi kululekwe amadoda, kuxoxiswane ngendlela yokuziphatha elindeleke kuwona, nezindlela zokulwa nentukuthelo nokhwantalala. Kulindeleke ukuthi amadoda avuleleke kwiMeya abhodle ngezinkinga angakhulumi ngazo emakhaya ezigcina zakhela ngaphakathi.
"Isigameko sakwaKhumalo sokubulawa kwezingane endaweni yaseLulwane KwaMhlabuyalingana ekuqaleni kwalo nyaka sangishaqisa kanjalo nezwe lonkana. Ingakho ngiqoke ukubuyela kuleya ndawo nochwepheshe abangabeluleki bengqondo ukuzokhuza lesi sihlava, kuphinde kululekwe amadoda ngejoka lawo lokuba ngabavikeli besifazane nezingane. Nginxusa onke amadoda akule ndawo aphume ngobuningi ezolalela izeluleko zabezenhlalakahle futhi azothola nethuba lokuxilongwa izifo ngabomnyango wezempilo ukuze ahlale ephilile akwazi ukwakha isizwe esiphilile,"kucacisa iMeya uMdaka.
IMeya uMdaka iyakuqonda ukuthi uhulumeni wasekhaya unomsebenzi omkhulu wokuqinisekisa ukuthi inhlalakahle ikhona kwimiphakathi eyakhele.