News Avenue
News / Izindaba

IMBONGI IGXEKA UNGIZWE MCHUNU

IMBONGI IGXEKA UNGIZWE MCHUNU
SIZO BLOSE noLINDOKUHLE NGCOBO 

IMBONGI edumile KwaZulu-Natal(KZN), uSbo De Poet isiphumele obala yagxeka isenzo salowo ozibiza ngoMengameli wamaBhinca uNgizwe Mchunu, ngemuva kokuthi evuke inja ebomvu ezinkundleni zokuxhumana, ethuka abathandana nobulili obufanayo. Ngemuva kokubonakala komshado wezinsizwa ezimbili, ebezishada ngempelasonto. Phakathi kwazo kukhona evunule ngemvunulo yabesilisa bakwaXhosa enye ivunule ngemvunulo yabesilisa bakwaZulu.     

"Wena Somizi Mhlongo asikufuni lana kuleli lizwe, wena nesizwe sakho kumele nithuthe lana asinidingi," kusho uNgizwe ngentukuthelo.   

UNgizwe uphinde washiya angalazi kulaba ebebeshada, ethi bangcolisa usiko lwamaZulu njengoba begqoke imvunulo yesintu, wathi lokhu  kuyihlazo nechilo.  Eqhuba uNgizwe uthe, lokhu sebekubekezelele kakhulu, elandelanisa ngezinhlamba ezingabhaleki.   

UNgizwe uphinde wahlasela ngisho uSweet Guluva owanqoba iBig Brother Mzansi. Wathi bafike bamseka bengamaBhica kodwa usehamba noSomizi.  Uthi uNgizwe abasamqondi uSweet Guluva, ezeseka ngelithi okokuqala uSomizi wayengamfuni uSweet Guluva esasendlini kaBig Brother.

USbo Da Poet naye akachithanga sikhathi naye wangena ezinkundleni zokuxhumana wathi bona bengamaZulu bayahlonipha. Uma kukhona okungabaphethe kahle, izikhalo zabo baziveza ngendlela enesisoka hhayi lokhu okwenziwa uMchunu.
 
 "Asiwona amaBhinca thina kodwa singamaZulu ahloniphayo. Asihambisani nalokhu okushiwo uNgizwe," kusho uSbo Da Poet owaduna ngenkondlo ethi "uMakhwapheni."

 Abamele abathandana nobulili obufanayo sebephumele obala nabo bagxeka inkulumo kaNgizwe. Bathi kuyamangaza ukuthi kusekhona osakhuluna kanjena ngabo kulesi sikhathi samanje.

  Okhulumela abe-Lesbian and Gay Community Health Centre, u-Aluta Humbane uthi bamvulele icala eNkantolo yezokulingana uNgizwe. Baphinde bamubika kwiNkantolo yezamaLungelo abantu (Human Rights Commission) bathi bafuna ukuqeda ngaye(uNgizwe Mchunu).
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose