IKOMIDI LITHOLE ULWAZI NGOKWENZEKA EMNYANGWENI WAMANZI NENHLANZEKO
Lokhu kwenzeke izolo ngesikhathi leli komidi livakashele izindawo ezahlukene zokuphehla amanzi, ngaphansi kweTheku.
Kuzo okubalwa iNorthern Wasterwater Treatment Works, eseNewslands East eduze komfula uMngeni.
Le ndawo isalungiswa ngemuva kokukhahlanyezwa imvula enkulu yango-2022.
Leli Komidi liphinde lavakashela eSouthern Aqueduct, eWestville lapho kwakhiwa khona ipayipi elingu-24 km. Kubhekwe ukuthi leli payipi lihlinzeke ngamanzi abantu abangaphezulu kuka-1.2 million, okubalwa abaseWestville, Chatsworth, Northdene nabaseMlaza.