IKHOMISHANA KAMADLANGA IZOVULELA U-CARRIM ICALA
IKhomishana kaMadlanga imemezele ukuthi izovulela usomabhizinisi waseNorth West, uMnuz Suliman Carrim icala, ngemuva kokunqaba ukuhlolwa ngudokotela ozimele nokungafiki kwakhe ukuzofakaza eBrigitte Mabandla Justice College, ePitoli namhlanje.
USihlalo weKhomishana, uJaji Mbuyiseli Madlanga, ugcizelele ukuthi ngeke babethemba umbiko kadokotela kaCarrim ngenxa yokusondelana kwabo. Lokhu kuza ngemuva kokuba uCarrim ebonakale endaweni yokudlela eKapa, ekubeni udokotela wakhe(uCarrim) waveza ukuthi ugula kakhulu, akakwazi nokusukuma.
IJaji uMadlanga libiza udokotela kaCarrim ngo-"Hired Gun". UCarrim wale ukulalela umyalelo wekhomishana othi akahlolwe ngungoti wezokwelapha ozimele oqokwe yinhlangano yezempilo ukuze kuqinisekiswe ukuthi akakulungele ngempela yini ukufakaza phambi kweKhomishana. Ngenxa yokokungezi (uCarrim) ukufakaza, uMadlanga usenikeze umyalelo wokuba uCarrim avulelwe icala. IKhomishana ithe ngeke isaqhubeka nokulalela izaba zempilo, njengoba sekuhlehliswe ubufakazi bakhe amahlandla amahlanu kusukela ngo-April.
"Ima inkantolo ifuna ukuthola umbono ongachemile, izofuna ukuthola umuntu ozimele, kunomuntu osondelene kakhulu nalo muntu othintekayo, yilokhu kanye esibhekene nakho lapha." kubeka uMadlanga.