News Avenue
News / Izindaba

IDLULE NOWESIFAZANE KWALIMALA ABATHATHU INGOZI YAKU N3

IDLULE NOWESIFAZANE KWALIMALA ABATHATHU INGOZI YAKU N3

LINDOKUHLE NGCOBO

Kushone owesifazane olinganiselwa eminyakeni engu-30 ubudala, kwalimala abashayeli abathathu engozini yezimoto eziningi neloli, emgwaqeni u-N3 phakathi kweToll Plaza yaseMarianhill neShongweni, entshonalanga yeTheku namhlanje.

Kusolwa ukuthi iloli ebelibheke eThekwini lehlulekile ukulawuleka lase lishayisa enye imoto, ladala ukuthi igingqike. Emva kwalokho kube sekushayisana ezinye izimoto eziningi.

Umgwaqo obheke eMgungundlovu usavaliwe ngenxa yokuchitheka kwempahla ebithwelwe yiloli.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose