News Avenue
News / Izindaba

ICONTRALESA AYENEME NGESENZO SEKUMKANE

ICONTRALESA AYENEME NGESENZO SEKUMKANE
Usihlalo weContralesa e-Eastern Cape, uMwelo Nonkonyana usesigxeke kakhulu isenzo seKumkane yabaThembu, uKing Buyelekhaya Dalindyebo.

Inkosi uDalindyebo usanda kuba nohambo lokuya kwa Israel, lapho efike wancoma khona leli lizwe elithathwa njengabacindezeli, wathi lenza kahle lazivikela kwiHamas ngokubulala inqwaba yamaPalestine.

Ukwenza lokhu nje izwe laseNingizimu Afrika liyaziwa ngokuhambisana nezwe lasePalestine. INingizimu Afrika seyike yafaka izwe lakwa Israel kwi International Court of Justice ngokucindezela izwe lasePalestine.

UNonkonyana uthe bazozama ukuxoxisana neKumkane njengoba inomlando omuhle wokulwela inkululeko. "Ngisho noyise weKumkane uyaziwa ngokulwela leli lizwe.

Uphinde wakhala ngokushintsha shintsha amaqembu epolitiki kwenkosi, eseyike yaba ilungu le DA yaphinde yaya kwi-EFF kanti yaqala kwi-ANC.

Njengamanje kuthiwa uKumkane uzimisele ngokuhlangana neNkosi yamaZulu, Isilo uMisuzulu kaZwelithini nalowo oke waba umengameli wezwe uJacob Zuma.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose