IBANDLA LAKWA SHEMBE KUTHE NAMUHLA LABHEKISA AMABOMBO ENTABENI
Inhloso enkulu yalolu hambo, ukuyozicelela kuNkulunkulu lokho okufisayo njengoba kuqala unyaka.
Lomhlangano walolu hlobo waqalwa uMqali wendlela, eya eNhlangakazi.
Yize abaseBuhleni sebeya eKhenani kodwa amanye amabandla akwaShembe asaya khona eNhlangakazi uma kuqala unyaka eyokhuleka.