News Avenue
News / Izindaba

I-SADTU IFUNA UDLONDLOBALE OWOKUQINISA EZOKUPHEPHA EZIKOLENI

I-SADTU IFUNA UDLONDLOBALE OWOKUQINISA EZOKUPHEPHA EZIKOLENI

LINDOKUHLE NGCOBO 

INYUNYANA yothisha iSouth Africa Democratic Teachers' Union (SADTU) ifuna uqhubeke umkhankaso wokuqinisa ezokuphepha ezikoleni. Lokhu kungenxa yokwanda kwezigameko zokuhlaselwa kothisha nodlame phakathi kwabafundi.

INews Avenue ibikile ngalo mkhankaso izolo ngesikhathi amaphoyisa ngokuhlanganyela noMnyango wezoMfundo KwaZulu-Natal(KZN) bevakashele izikole zaseNanda kungamenyezelwe. Nalapho kutholakale insangu nogwayi.

UNobhala weSADTU eKZN, uNksz Nomarashiya Caluza utshele iSABC ukuthi kubalulekile kubafundi nakothisha ikakhulukazi abake babhekane nodlame ukuba bavikelwe. Wathi indawo yesikole engaphephile iphazamisa ukufunda nokufundisa.

"Siyi-SADTU siyawaseka lo mkhankaso, owenziwa amaphoyisa noMnyango wezeMfundo eKZN. Ikakhulukazi uma uzoqhubeka wenziwe kuzo zonke izindawo, ukuze izigebengu nabafundi abenza okungafanele ezikoleni bezohlalela ovalweni," echaza. 

Ephetha uthe kumele butshalwe kuzona zonke iziFunda abakwasidlodlo abazogasela ezikoleni kungalindelekile. Wathi lokhu kuzosiza nasekubambeni izikhali nezikadamizwa eziphathwa abafundi ezikoleni.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose