I-ANC NGEKE ISINUKE ESIKAMENGAMELI NGO 2029-UMHLAZIYI
Umhlaziyi wepolitiki, uPrince Mashele, uthi lowo ozonqoba isikhundla sokuba umengameli we-ANC, akakhohlwe ukuthi uzoba umengameli wezwe.
Ngo 2027 i-ANC izoba nengqungquthela yokukhetha ubuholi obusha. Bese kuthi ngo 2029 kube nokhetho lukazwelonke.
Kuvamise ukuthi lowo osuke ekhethwe i-ANC njengomholi wayo, aphinde abe ngumengameli wezwe. Kodwa kulokhu uMashele uthi, i-ANC izogcina ngomengameli wayo.
Umbango uqalile yize ungakavumeleki, kunalabo abaseka uFikile Mbalula ongunobhala jikelele, kube khona abaseka iphini likamengameli, uPaul Mashatile, kube nabaseka uDr Patrice Motsepe ongusomabhizinisi..