News Avenue
News / Izindaba

I-ANC KZN IGUBHE IMINYAKA ENGU 114 NGOKUSIKA IKHEKHE EDURBAN CITY HALL

I-ANC KZN IGUBHE IMINYAKA ENGU 114 NGOKUSIKA IKHEKHE EDURBAN CITY HALL
SIZWE BLOSE 

INHLANGANO yezombusazwe endala kunazo zonke e-Afrika, i-African National Congress(ANC) eKZN, ithathe isinqumo  sokuba  ne-Mini January 8 namuhla eCity Hall, eThekwini. 

I-ANC KZN ikhethe ukubiza lo mcimbi ngegama elithi, Cutting Cake Ceremony.  Ihholo beligcwele phama abalandeli bale nhlangano.

 OwayenguNobhala wesiFunda saseThekwini, manje oseyiDeputy Co ordinator yeRTT, uMusa Nciki  ukhumbuze amalunga e-ANC abehambele lo mcimbi ukuthi abekho emhlanganwenii omkhulu (rally).

"Umhlangano omkhulu uyeza maqabane futhi sizowubambela enkundleni yezemidlalo. Ngiyabona abantu bagcwele ngokweqile lapha," kusho uNciki emamatheka.

UNciki wethule izikhulumi ezahlukene eziveza imlayezo yokusekela i-ANC njengoba igubha iminyaka engu-114 yasungulwa.

U-Edwin Mkhize akazange enanaze. Uthe abantu abasayingeni indaba yezepolitiki. Wathi lokhu kungenxa yezenzo zosopolitiki. Kulindeleke ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa athule inkulumo yosuku kwi Rally ezokuba seNorth West ngoMgqibelo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose